Jump to content

Isicabango

Mayelana Wikipedia
Diagram
umfanekiso wesicabango somuthi. imifanekiswano engaohezulu emine ingangakaniswa njengesu eliphelele lomuthi, ovezwe ngezansi.

Isicabango siyisu eliwumkhanyango elisebenza njengesisekelo sezimiso, imicabango nezinkolelo eziqine kakhulu . [1]Izicabango zineqhaza elibalulekile kuzo zonke izici zokulumuka . [2] [3] Ngakho-ke, izicabango zifundwa njengengxenye yoqeqesho olufana ezezilimi, umchazangqondo, nenjulalwazi, futhi lezi zinhlobo zoqeqesho zinentshisekelo ngohlaka lwezicabango oluhluzekile nolu nolo mchazangqondo, nokuthi zihlanganiswa kanjani ukuze zakhe imicabango nemisho. Ucwaningo lwezicabango lusebenze njengophawu olubalulekile lwendlela entsha exubuqeqesho yezinhlaka, Inzululwazi yomqondo.

Kwinjulalwazi yesimanje, kunezindlela ezintathu zokuqonda isicabango eziseqhulwini: [4]

  • izethulo zengqondo, ngendlela eyenza isicabango sibe umenzo osengqondweni (into yengqondo)
  • amakhono akhethekile ezimweni zomqondo(izimo zengqondo)
  • Umuzwa womqondo, Izinto eziwukhanyango esikhundleni sento engokomqondo noma isimo somqondo.

Izicabango zijinjwa ngokoqhiwu, izigaba eziphakeme zibizwa ngokuthi "izima ngenhla" bese izigaba ezingezansi zona zibizwa "izima phansi". Ngaphezu kwalokho, kukhona nesigaba esiyisiseko noma esiphakathi okuyisona abantu abasibiza ngokuthi isicabango. Ngokwesibonelo, isicabango esiyisiseko esifana nesihlalo, sinesina ngenhla esiyifenisha, nesima phansi okuyisikaki nje.

Izicabango kungaba ezicacile noma ezingacacile. Lapho umqondo uvamisa jikelele Izinto ezifana nesicabango semuthi, usebenzisa ukufana okukhona kwezibonelo ezimbalwa; ukwenza kalula kuletha ukucabanga kwesigaba esiphakeme.

Izicabango zifundwa njengezigcoyi zomqondo woluntu oqeqeshweni lwenzululwazi yengqondo olufana nezezilimi, ezomchazangqondo, kanye nenjulalwazi, lapho khona kunempikiswano eqhubekayo ebuza ukuthi ingabe konke ukuqonda kufanele kwenzeke ngezicabango. Izicabango zivame ukuhlelwa kahle kwezomchazazibalo, kwinzululwazi yesicikizi, kwizizindamininingo nakuhlakahlisombulu. Izibonelo zezigaba eziphezulu ezikhethekile zezicabango kulemikhakha ebaliwe zihlanganisa izigaba, izisongozo neminxa.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. . p. 52–77. Missing or empty |title= (help)
  2. Chapter 1 of Laurence and Margolis' book called Concepts: Core Readings. ISBN 9780262631938
  3. Carey, S. (1991). Knowledge Acquisition: Enrichment or Conceptual Change? In S. Carey and R. Gelman (Eds.), The Epigenesis of Mind: Essays on Biology and Cognition (pp. 257–291). Hillsdale, NJ: Lawrence Erlbaum Associates.
  4. Eric Margolis; Stephen Lawrence. "Concepts". Stanford Encyclopedia of Philosophy. Metaphysics Research Lab at Stanford University. http://plato.stanford.edu/entries/concepts/. Retrieved 6 November 2012.