Jump to content

Inhlawulo

Mayelana Wikipedia

Inhlawulo kusuke kuyocelwa ushwele kulowo mndeni osuke wonile ngaleso iskhathi.

Inkomo yenhlawulo.

Inhlawulo

[hlela | Hlela umthombo]

Ngokwesintu noma ngokwesiko lakwaZulu inhlawulo isuke yenziwa abantu besilisa, lapho khona okungaba ukuthi bahlawula ingane yabo noma umonakalo abasuke bewenzile komunye umuzi. Ingane usuke ihlawulwa ngokuthi ubaba wayo kanye nomama bayithe bengashadanga, lokho okwenza ukuthi ubaba wayo ahambe ayohlawula aphinde avume ukuthi ingane eyakhe. Imvamisa kuhlawulwa ngezinkomo ezihamba ngamasondo ayi ezemali ngoba kudingeka inkomo kamama, inkomo yenkosi yendwa bese kuba inkomo yengane. Inkomo yengane kusuke izohlantshwa ngalolo suku bese iyadliwa koda ubaba wekhaya akayidli ngezizathu ezithile. Inhlawulo yomonakalo kusuke kuyoxolisa loyo muntu wesilisa owonile kungaba ukudelela ubaba wekhaya noma ukwenza into engahambiselani nenkolo yakulowomuzi.[1][2]

Inhlawulo


IZINKOMBA

  1. https://www.citizen.co.za/randfontein-herald/news-headlines/2020/09/24/always-honour-your-zulu-customs/amp
  2. https://power987.co.za/featured/listen-inhawulo-is-still-relevant-in-africans-cultures/