Jump to content

Imininingo yezezibhangqiwe

Mayelana Wikipedia
Isithuba sezezibhangqiwe .

Ngokombono wokwaziswa nasezimisweni zokwaziswa, Imininingo yezezibhangqiwe ingukwaziswa okumelelwa uhidi lwezimpawu ezilubandlu ngazinye ezingaba amanani engenasigcino njengosonhlamvukazi noma izinombolo. Isibonelo umbhalo wesiqakaqo (text document), oqukethe uhidi lwezimpawu ezingusonhlamvunani (alphanumeric). Isimo esivamile semininingo yezezibhangqiwe ezimisweni zokwaziswa zananuhla imininingo emabhangqa, emelelwa uhidi lwezincwana (amanani) amabhangqa ngalunye elingaba inani lalawa amabili, kungaba ingungu 0 noma umuvo 1.


Imininingo yezezibhangqiwe ingaqhathaniswa nemininingo enzuko, yona emelelwa izinhlobo eziqhubekayo zamanani angokoqobo. Imininingo yenzuko ifufukiswa ngesiyabizo senzuko, esingagcini ngokuba amanani aqhubekayo, kodwa siyahlukahluka ngokuqhubekayo kuye ngesikhathi, siyinsebenzo yesikhathi eqhubekayo yenani-loqobo. Isibonelo umfutho womoya ohlukayo ophakathi kweZa lomsindo.

Igama elithi "ezeziBhangqiwe" liqhamuka kwelithi 'izincwana ezibhangqiwe' noma 'amanani amabhangqa' (binary digits), njengoba lamanani abhangqiwe, konke okusebenzisa isimiso seziyabizo samanani alubandlu, kuthiwa ngezezibhangqiwe, okusho ukuthi ezamanani/izincwana ezibhangqiwe. Leli bizo lesizulu lingasetshenziswa kwezokucikiza nezenzuba, ikakhulu lapho ukwaziswa kwezwe loqobo kuguqulelwa esibalweni sesimo esimabhangqa njengasemsindweni wezezibhangqiwe noma ukuthwebula kwezezibhangqiwe..

Uguquko lwezimpawu zibe okwezezibhangqiwe

[hlela | Hlela umthombo]

Njengoba izimpawu (ngokwesibonelo, osonhlamvunani (alphanumeric) abayizimpawu ezicikizi) bengaqhubeki unomphela, ukumelela izimpawu ngokwezezibhangqiwe kulula kunokuphendulwa kokwaziswa kwenzuko noma okuqhubeka njalo kube okwezezibhangqiwe. Esikhundleni sokusangula (sample) nokungakanisa (quantization) njengalapho kuguqulwa inzuko kube ngeyezezibhangqiwe, ubuchule obufana nokugaba (interrogate ) kanye nokuguqukezela buyasetshenziswa.

Imininingo yezezibhangqiwe itholakala ngezimo ezintathu ezilandelayo: Imininingo egculileyo, imininingo efufuthwayo, kanye nemininingo esetshenziswayo. Izimfanelo zobumfihlo, ubuqotho nokufumaneka, kudingeka zilawulwe kuwo yonke umjikelezo yemininingo kusuka 'ekudalweni' kuya ekulahlweni kwayo.[1]

  1. "The three states of information". The University of Edinburgh (in i-English). Archived from the original on 14 April 2021. Kulandwe ngomhlaka 21 February 2021. Unknown parameter |url-status= ignored (help)