Imidlalo
Appearance
UmDlalo noma umFeketho uhlobo lokudlala oluhlelekile, ngokuvamile olwenzelwa ukunandisa noma ubumnandi, futhi ngesinye isikhathi lusetshenziswa njengensiza kufundisa. Imifeketho ihlukile kunomsebenzi, ngokuvamile owenzelwa iholo, futhi ihlukile kunobuciko, ngokwenjwayelo obenzelwa umbalazi wawo noma inkolelombono ethile. Kodwa umehluko awucacile kahle, ngoba imifeketho eminingi seyithathwa njengomsebenzi (njengemidlalo ekhokhelwayo noma imidlalo noma imifeketho enezibukeli) nabo ubuciko (njengemifeketho yeBukwa neminye imidlalo yobuciko).