INKONDLO Notes
INKONDLO Notes
AMABINZA/IZINDIMA/IZITANZA
Kubhekwa ukuthi inkondlo ihlukaniswe ngamabinza nokuthi mangaki amabinza aleyo
nkondlo.
IMIGQA
• Inani lemigqa
• Imigqa emide nemifishane
• Ukuvuleka kwemigqa ( uma lungekho uphawu lokukhanyisa ekugcineni)
• Ukuvaleka kwemigqa( Ilapho kunophawu lokukhanyisa ekugcineni)
• I-enjambament (Uma kungekho uphawu emigqeni ongenhla bese luba khona
emigqeni elandelayo (Ukungabibikho kophawu kukhombisa ukuthi umqondo
ogcizelelwa imbongi uphelela emigqeni elandelayo)
• Isikhawu/Isizura (Yilapho kutholakala uphawu lokukhanyisa phakathi nomugqa
ngezizathu ezahlukene.
Inhloso yokusetshenziswa kwemigqa kungaba ukudala isigqi(umgqumo womculo
omnnandi) esinensayo noma esisheshaya kanye nomoya wenkondlo.
IMVUMELWANO
Lokhu kusho amalunga afanayo emigqeni elandelayo.
Imvumelwano ihlukaniswe kathathu.
Imvumelwano siqalo
• Lawa amalunga afanayo ekuqaleni kwemigqa elandelanayo.
• Unkamisa uyaba ilunga eliphelele uma esekuqaleni egameni.
Imvumelawano maphakathi
• Lawa ngamalunga afanayo emagameni amaphakathi emigqeni elandelanayo.
Imvumelano sigcino
• Lawa amalunga afanayo emagameni asekugcineni emigqeni elandelanayo.
UKUXHUMANA
UMOYA WENKONDLO
Isimo imbongi esuke ikuso uma ibhala inkondlo.
Le simo singavela ngezindlela eziningi kanje: umuzwa wothando / wokukhathazeka/
wokubalisa njll.
INDIKIMBA
Umongo wenkondlo yonke. okubhaliwe kungaqukatha izindikimba ezahlukene
ezingajwayelekile
izindikimba eziphathelene nothando, ukufa, izimpi,ukuhlukunyezwa,ubugebengu ,uxolo
,ukholo,imfundo,ubuqhawe njll.
IMIFANEKISOMQONDO/IZITHOMBEMAGAMA
IZIFENGQO
2.Isifaniso: (Simile)
Lapha kusuke kuqhathaniswa izinto ezimbili ezingafani, kusetshenziswa izakhi
zokufanisa ezilandelayo: njenga-, fana, kuhle, okwa-, nganga-
Izibonelo:
Lo mfana uthothobele kuhle
Le ntaba isandlu
Intombi yakhe injengelanga liphuma
3.Ihaba: (Hyperbole)
Lokhu ukuchaza into uyndise kakhulu kunento eyikho.
Izibonelo:
Libalele likhipha inhlanzi emanzini
Wayengasagijimi wayendiza
Usakhala izinyembezi zaba yimifula
4.Ukubhuqa: (Sarcasm)
Uma umuntu ebhuqa usho lokho akushoyo kusalele udosi isibuqo siyahlaba siyalumela
kasithandeki
Izibonelo:
Ungaba umfundi ohlakaniphile uma ungase uyeke imbuzi.
Ungazenzela umathanda kodwa kowakho umuzi
Baningi bamenyiwe kodwa bambalwa abayobona umbuso weZulu
5.Inhlwayizane/uhlwayizane (innuendo)
Inhlwayizane ifuze umbhuqo ngokuba nohlwayana oluhlabayo kodwa yona
iyagwegwesa ayibeki ngembaba.
Izibonelo:
Ubengazange abuthi mbibi namuhla uSigubhu kungakho ebenolaka nje
Kukhona oboleke ipeni lami ngisaphumile, bengicela alibuyise
Inkulumo yakhe ende yaphetha ngehlombe elaphaphamisa wonke umuntu
6.Ukwenzasamuntu: (Personification)
Lapha into engaphili inikwa izimpawu noma izenzo zomuntu.
Izibonelo:
Ukufa kuyisela
Umhlaba kawunoni
Intaba Umhlabashane wazi lukhulu
7.Isingathekiso (Metaphor)
Nalapha kusuke kufaniswa izinto ezimbili ezingefani umehluko ukuthi lokho
okufaniswayo sivele sikugagule ngalokho esikufanisa nako.
Izibonelo:
Intombi kamalume yilanga liphuma
Akeve eyinkomo ebholeni
Inhliziyo yakhe imnyama inenyongo
8.Ukwenzasasilwane: (Animalification)
Lapha into engaphili engesilwane inikwa izimpawu zesilwane.
Izibonelo:
Umshaye wabhonga
Umbhakele walimala
9.Umbhingqo: (Irony)
Kugqanyiswa ubunjalo bento ngokusebenzisa amagama ahlanekezela incazelo.
Izibonelo:
Wazewahlakanipha bo!
Lowo uhembekile ngoba webe imali ekhaya.
Uyasazi isiZulu ngoba ude njalo esheba nesiNgisi
10.Indida:( Paradox)
Lapha kushiwo into eyodwa kodwa kube kuqondwe enye. Amazwi abonakala kungathi
ayaphikisan kantiekujuleni kwawo ayavumelana.
Izibonelo:
Yisilima lesi sishaya zonke izifundo ngamalengiso.
Ingane inguyise wesintu
Unecala lowo ongenacala.
11.Impikisamqondo ( Oxymoron)
Impikisamqondo ihlanganisa amagama aphikisanayo ukwembulaokuthize
Izibonelo:
Le nkosikazi ihlekiswa wukukhala
Isihlangu basiphiwe basilahlile
Wavele wakhaliswa wusizi lwenjabulo
Kwahlwa emini ngalelo langa
12.Isiphikanjani (Litotes)
Lesi sifengqo sikhomba ukuvumisa impela ngokubeka amagama akuphikisayo
ukuvumisa lokho. Inhloso yokubeka igama elinomqondo ophikayo ukuthi kugcizeleleke
ukuvuma
Izibonelo:
Akusilima sindlebende kwabo
Akusoka elamanyala
Akumanga uhubhu lukabhejane
13.Impindamqondo (Tautology)
|Impindamqondo yisifengqo esiphinda umqondo ngamazwi angefani. Inhloso
ukugcizelela okuthize
Izibonelo:
Khamisa umlomo!
Ngizokubonga ngananka amehlo ekhanda
Uthisha usayinde ngesakhe isandla
Ugijime ngazpo zombili izinyawo
14.Uteku/isidlalisamagama: (Pun)
Lapha kusuke kwethulwa inkulumo engahlekisi ngendlela ehlekisayo.Igama lilinye
lisetshenziswa ngezindlela eziveza imiqondo ehlukene
Izibonelo:
Uma usuza lapha uphatha amagwinya.
Indoda ijatshuliswe amabele
Ngiyakuthanda ntombi? Ungithanda ngiyinkatha yini?
15.Isimeleli: (Synecdoche)
Ukubizwa kwento ngegama lento esondelene noma ehambisana nayo.
Izibonelo:
Isikole samphucula wayeka ukuba umdlwembe
UNdunankulu wangena indlu yasukuma yonke
Incwadi yamupha isinkwa
Umhlaba kawubongi
16.Isiqhathaniso: (Antithesis)
Le yinkulumo enemiqondo emibili eqophisanayo ehlose ukugcizelela ukuqophisana
kwayo.
Izibonelo:
Ifa leziwula lidliwa izihlakaniphi.
Abanye bayakhala, abanye bayabonga ngokwenzekile.
17.Isihlanekezelo: (Metonymy)
Ukubiza umsebenzi wento ngaleyo nto ayisebenzisayo.
Izibonelo:
tshela itekisi ukuthi lingashiyi
wasindiswa ukuveza amazinyo
18.Ifuzamsindo/ifanamsindo: (alliteration/onomatopoeia)
Le nkulumo ikhipha umsindo walokho okwenzekayo .Lapha izinhlamvu zegama zifuze
umsindo owenzeka ngempela empilweni.Ifuzamsindo lihambisana nesenzukuthi.
Izibonelo:
Bekuwubugunqugunquku kungongaphansi nongaphezulu.
Uphule induku yathi phoqo
Izimpukane zathi bhu phezu kwendle.
19.Isihlonipho: (Euphemism)
Inhlonipho isho ukusebenzisa igama elithambileyo nelizwakala kamnandi esikhundleni
segamaeliqokeme nelisindayo
Izibonelo:
Umkhahlele ngonyawo ebudodeni bakhe
Isalukazi saguqa ngamadolo ngenkathi sichitha amanzi
Uthisha ubethanda ukuba mnandi emdlalweni wabafundi
20.Isicongo /uvuthondaba: (Climax)
Uma sibhekise emshweni sivame ukukhuluma ngesicongo kanti endabeni sikhuluma
ngovuthondaba. L;Lokhu kusho ukulandelisa izigameko ngokubaluleka kwazo kuze
kufike lapho sithi kusesicongweni,okusho ukuthi esigamekweni esibaluleke kunazo
zonke.
Izibonelo:
Wahlupheka, wasebenza,wathuthuka,wanethezeka.
Ufunde, washada , wazala,wafa.
21.Umbizi: (Apostrophe)
Okhulumayo ubhekisa inkulumo yakhe kumuntu ongekho noma entweni engekho, siye
sithi umuntu/ umlobi ubizaongekho /okungekho
Izibonelo:
Kufa luphi udosi lwakho na?
Liba izindaba zakho kazixoxeki
Ngangihamba ngiwa ngivuks ebusuku-|O, wena babamkhulu wangilonda.
23.Isiqhathaniso ( Antithess)
Lesi sifengqo sigcizelela umehluko emiqondweni emibili noma ezintweni
ezimbili.isiqhathaniso sivame ukuhleleka ngendlela yokuthi umusho ube nezingxenye
eziqophisanayo.
Izibonelo:
Ikhoth’ eyikhothayo, ikhaba eyikhabayo
Lungiphonsa phansi lungiphonse phezulu
Indlala ngapha ,ukugula ngapha
Ifanankamisa
Umsindo otholakala nkokuphindeka konkamisa abafanayo emigqeni siwubiza
ngokuthi ifanankamisa.
Ukuphindeka konkamisa kuzwakala kamnandi kuze kube sengathi lowo mugqa
usamculo.
Ifanangwaqa umsindo wokuphindeka kongwaqa abafanayo emgqeni owodwa.
Ikhono lokuhambisana komsindo wongwaqa nemibono eyethulwa inkondlo noma
umugqa lowo kuletha isigqi esithile.
Impindamqondo
Lapha imbongi yethula imiqondo ehambisanayo, emigqeni
elandelanayo.Kungenzeka ukuthi le miqondo ivumelane noma iphikisane.
Impindamqondo isetshenziswa kakhulu ezibongweni zomdabu. Singalinganisa
ngezibongo zikaSenzangakhona lapho kuthiwa:
Isigqi
Kokunye isigqi singabizwa ngomgqumo. Isigqi sevesi noma somugqa wenkondlo
sisithola ephinjeni okuphinyiswa ngalo amalunga egama emigqeni. Ubude bemigqa
nabo buyasidala isigqa. Ilelo nalelo lunga legama liphinyiswa ngokugcizelela. Lapha
kozophawulwa ngezimpawu eziletha isigqi kanjena: (.) ngaphezu kwelunga legama
lisho umsindo ogcizelelwe; kanti (//) kusho ukuphumula kancane; kanti olunjena (:)
lona lusho umsindo ogcizelelwe.
ITHONI
• Indlela imbongi edlulisa ngayo amazwi ngokusebenzisa iphimbo ngesikhathi
ihaya inkondlo yayo noma ibhala indaba yayo. Okungaba ukukhathazeka,
ukuhalalisa, injabulo njll.
• Iphimbo livezwa indlela amagama asesetshenziswe ngayo imbongi ukuveza
okungaphakathi kuyo njengentukuthelo.
• Imbongi ikhetha amagama akhombisa lokho efuna ukukusho.
• Indlela amagama aphimiseke ngayo kungaba nomthelela kumoya wenkondlo
Imifanekiso – mqondo
Amagama athile asetshenziswa imbongi ukusinika umfanekiso noma
Isithombe esithile uma siwafunda enkondlweni . La magama kungaba
Yizifengqo , amagama acebile ongathi uma uwafunda enkondlweni kwakheke
Isithombe esithile emqondweni wakho .Imifanekiso – mqondo ihlukene …umfanekiso
– mqondo ozwakalayo , obonakalayo , othintekayo , onambithekayo kanye
nohogelekayo .
Indikimba
Ingumongo wenkondlo . Sibheka ukuthi inkondlo ikhuluma ngani .Lokhu kungaba igama
elilodwa noma amabili .Isibonelo : Indikimba kungaba Uthando , inkolo , imfundo ,
inhlonipho , ezombusazwe njalonjalo .Imbongi isebenzisa amagama athile noma
imifanekisomqondo ekugqamiseni indikimba yenkondlo .
Umoya
Umqondo
Isigqi
Ukuxhumana
Imvumelwano