Zulu Paper 2 Literature: Umshado: Ibhalwe Ngu: Nelisiwe Zulu
Zulu Paper 2 Literature: Umshado: Ibhalwe Ngu: Nelisiwe Zulu
This is a summary of the novel Umshado. We have tried to cover all the important points that are worth knowing in every chapter and believe this summary will make your learning much simpler.
IFINQWE NGU:
M.MBONAMBI
Ngenxa yokucabanga kakhulu ngephupho elalimethusile uBhekani, wazibona esefikile esitobhini. Wayephuphe ubaba wakhe embuza ngolaka ukuthi akakafuni namanje ukuganwa? Okwamthusa kakhulu ukuthi nomama wakhe wayephuphe iphupho elifanayo nelakhe. Imicabango yakhe yaphazanyiswa ukufika kwentombazane eyayiyinhle futhi imhlophe ngebala. Igama layo kwakunguTholakele. Yayihlala emijondolo emisha yaseNyawushane. UTholakele wacoshela uBhekani iduku ayeliwisile. Kwaqhamuka itekisi, wagibela uTholakele. Bathembisana ukuthi bayophinde babonane khona lapho abagibela khona. Netekisi likaBhekani lafika. Lambeka esikoleni ayefundisa kuso. Wayesafundise iminyaka emibili.
UBhekani waxoxela umngani wakhe uSifiso ngoTholakele nobuhle bakhe. Wayethathekile uBhekani yile ntombi. Wathi uzomeshelela umshado uTholakele. USifiso wabuza ukuthi ngeke yini kwenzeke ukuthi ingumfelokazi leyo ntombi njengoba ethi ibigqoke izingubo ezimnyama? UBhekani waphika wathi bekuyizingubo zomsweko bekungeyona inzilo. USifiso wathi uBhekani kuzomele aqale ayifunde kahle leyo ntombi ngaphambi kokuba akhulume nayo indaba yomshado. UBhekani wayebona kunguTholakele umuntu okufanele ashade naye. Wafika ekhaya washintsha ukuze ayolinda uTholakele. Unina wamtshela uBhekani ukuthi umphuphile futhi ubaba wakhe. Wathi akakaze ambone enolaka
olunjeyaya ngisho esaphila. Watshela uBhekani ukuthi kuzofanele asheshise aganwe. UBhekani wabika ukuphuthuma wathi bazobuye baxoxe nonina.
UTholakele waqhamuka ehamba noZenze. Babingelelana noBhekani bamdlula sengathi abakaze bambone. Babehamba bexoxa bezihlekela. Wahamba uZenze eshiya uTholakele ngemuva. UTholakele wamqhweba uBhekani. Wamtshela ukuthi uZenze lo abehamba naye, uqashe kubo. Bavumelana ngokuthi bazobonana kusasa ntambama ngoba ubengazi ukuthi uzomvakashela.
UBhekani (uBheki) wayejabule kakhulu. Waxoxela uSifiso ukuthi bazobonana ntambama noTholakele (uTholi). USifiso wathi uBhekani kumele acwaninge kahle ngoTholakele njengoba engambonanga ekuseni ngalelo langa. Noma uBhekani ayemuzwa uSifiso kodwa wazimisela ukuthi ntambama uzomeshela uTholakele futhi liyoshona sebethandana. Wafikelwa isihlwathi endlini yothisha, waphupha ubaba wakhe emthethisa. USifiso wamvusa. Wafika ekhaya walungiselela ukuya kuTholakele. Wathembisa umama wakhe ukuthi bazokhuluma kusasa ngoba wayeya ngasezitolo futhi engezoshesha abuye.
Bahlangana noTholi. Wayesegqoke ezinye izingubo ezimnyama. Baya lapho kuhlala khona uTholi. UTholi watshela uBhekani ukuthi ungumfelokazi futhi wabaleka emzini ngoba uBhatomu wayefuna ukumngena. Wathi ngeke kulunge bathandane ikakhulukazi njengoba esazilile. Wathi uBhekani akalinde akhumule inzilo. UBhekani wamchazela uTholi ngenkinga yephupho nokuthi ufuna basheshe bashade. UTholi wathembisa ukuthi uzocabanga ngesicelo sikaBhekani. UBhekani wahamba ejabule futhi enethemba ngoba uTholi wavuma amvalelise ngokumqabula. Akaphuphanga ngalobo busuku kodwa umama wakhe waphupha.
Babonana noTholi ekuseni. USifiso wamtshela ukuthi uTholi ungumfelokazi wasemakhaya utshelwe uZenze ngoba bayazana. Waze wathi noma uBhekani enezinkinga kodwa akusho ukuthi akashade nomfelokazi. UBhekani akayithandanga le nkulumo kaSifiso ngakho wanquma ukuba angabe esamxoxela lutho ngoTholi. Ntambama wahlangabeza uTholi, baya kwaTholi.
UTholi wathi ucela ukushintsha ukuze aphekele uBhekani. Wagqoka ingutshana elula ekhombisa konke ayekugqoke ngaphansi. UBhekani embuza ngempendulo yakhe uTholi, wathi yena akanankinga kukuye uBhekani nokuthi-ke uyomenzenjani uBhatomu. Waphindela ekhaya isikhathi sesihambile. Umama wakhe wambuza ngalo mfelokazi amhlangabeza njalo esitobhini kodwa uBhekani wehluleka ukuphendula.